Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Waziqinisa, wakha lonke ugange olwaludiliziwe, wabeka imibhoshongo phezu kwalo, nolunye ugange ngaphandle, waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu eziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 UHezekiya waziqinisa, wakha lonke ugange lomuzi olwaludiliziwe, wamisa imibhoshongo phezu kwalo; wakha nolunye ugange ngaphandle. Waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu okuningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Waziqinisa, wakha ugange lonke olwaludiliziwe, waluphakamisa kwaze kwaba semibhoshongweni nolunye ugange ngaphesheya, wabuyisela iMilo emzini kaDavide, wenza imicibisholo nezihlangu ukuba zibe ziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:5
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.


Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi: USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise.


Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo.


Izinceku zakhe zasuka, zenza ugobe, zambulala uJowashi endlini yaseMilo ekwehleleni eSila.


Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba.


Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye.


Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa, wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu, no-Ishmayeli indodana kaJehohanani, no-Azariya indodana ka-Obede, noMahaseya indodana ka-Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.


UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.


Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.


Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.


Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.


Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.


Abahlohlolozani omunye nomunye; bahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe; baziphonsa phakathi kwezikhali, abakhawuli.


Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ