Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwabuthana abantu abaningi, bavimba yonke imithombo, nomfudlana owawugobhoza phakathi nezwe, bathi: “Kungangani ukuba kufike amakhosi ase-Asiriya, afumane amanzi amaningi, na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Kwabuthana abantu abaningi, bayivimba yonke imithombo nomfudlana owawugobhoza phakathi nezwe, bathi: “Kungenzeka kanjani ukuba kufike amakhosi ase-Asiriya bese ethola amanzi amaningi na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwabuthana abantu abaningi abavala yonke imithombo nomfudlana odabula izwe, bathi: “Kungani kufanele kufike amakhosi ase-Asiriya athole amanzi amaningi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:4
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi zombili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi, wabapha abantu, badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.


Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?”


Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.


Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uHezekiya owawungumnyaka wesikhombisa kaHosheya indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka walivimbezela iSamariya.


“Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe namazwe azo,


Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo onke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele, nokungenisa kwakhe amanzi emzini, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?


Basuka, basusa ama-altare aseJerusalema; nawo onke ama-altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Emva kwalezo zinto naleso sibonelo sokuthembeka kwafika uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wangena kwaJuda, wamisa malungana nemizi ebiyelweyo, wathi uyakuzifohlela yona.


welulekana nezikhulu zakhe namaqhawe akhe ukuba bavimbe amanzi emithombo eyayingaphandle komuzi; bamsiza.


Yena lowo Hezekiya wavimbezela umthombo wasenhla wamanzi aseGihoni, wawaqondisa ngasentshonalanga komuzi kaDavide. UHezekiya waphumelela emisebenzini yakhe yonke.


Ngokuba lithi: ‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?


Futhi nenzela amanzi echibi elidala umgodi phakathi kwezingange zombili, kepha anibhekanga kumenzi walokho, animnakanga okade wakunquma.


Nabona imifantu emzini kaDavide ukuthi yayiminingi, nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.


Zikhelele amanzi okuvinjezelwa, uqinise izinqaba zakho; ngena odakeni, uxove ibumba, uqinise uhonela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ