Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama-altare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: ‘Niyakukhuleka phambi kwe-altare linye, nishise impepho,’ na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama-althare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: ‘Niyakukhuleka phambi kwe-althare linye, nishise impepho kulo na?’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: “Niyakukhuleka phambi kwe-altare linye, nishise impepho phezu kwalo, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:12
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa,


Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu,” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe akususile uHezekiya, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare eJerusalema,” na?


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera,* wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani.


Basuka, basusa ama-altare aseJerusalema; nawo onke ama-altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


UHezekiya akaniyengi yini ukuba aninikele, nife ngendlala nangokoma, ethi: ‘UJehova uNkulunkulu wethu uyakusophula esandleni senkosi yase-Asiriya,’ na?


Nokho abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, kodwa kuJehova uNkulunkulu wabo kuphela.


Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.


Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu,” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe akususile uHezekiya, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare,” na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ