Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 31:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu* likaJehova,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 UHezekiya wabeka abaphristi nabaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe, njengabaphristi nabaLevi beminikelo yokushiswa neyokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni enkambu kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UHezekiya wamisa izigaba zabapristi namaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe, abapristi namaLevi njengeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukukhonza, nokudumisa, nokudumisa emasangweni amatende iNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 31:2
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,


Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.


eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;


Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.


AmaLevi naye wonke uJuda benza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho, bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba.


Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada, benza ngayo izitsha zendlu kaJehova, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.


abapristi babhalwa ngezindlu zawoyise, namaLevi abhalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ngezimfanelo zawo nezigaba zawo.


Wamisa abapristi ezikhundleni zabo, wabaqinisa emsebenzini wendlu kaJehova.


Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele ngokuba bonke abapristi ababe khona babezingcwelisile bengazigcinanga izigaba zabo,


Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.


Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose.


noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.


Bhekani, nibonge uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe nguZakariya, esigabeni sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elisabethe.


Kwathi-ke esayenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba sakubo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ