Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 30:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo, babuyele kuleli zwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Uma nibuyela kuSimakade, abafowenu nabantwana benu bayofumana umusa kwababathumbayo babuyele kuleli lizwe, ngoba uSimakade uNkulunkulu wenu ulungile, unomusa; akayukunifulathela, uma nibuyela kuye.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba uma niphendukela kuJehova, abafowenu nabantwana benu bayakuba nesihe phambi kwabathunjwayo, babuyele kuleli zwe; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa, unesihe, uyabususa ubuso bakhe kini, uma nibuyela kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 30:9
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uthethelele abantu bakho abonile kuwe nazo zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo, ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe.


waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.


Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.


Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.


Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele.


Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.


Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.


Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane kungabi ngubuso ngosuku lwengozi yabo.”


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


“Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele, isibusiso nesiqalekiso, engizibekile phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ