Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 30:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ningabi ntamo elukhuni njengawoyihlo, kepha nimnike uJehova isandla senu, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Manje ningabi ngontamolukhuni njengawoyihlomkhulu, kodwa mnikeni uSimakade isandla senu, ningene endaweni yakhe engcwele, ayingcwelisa kuze kube phakade, nimkhonze uSimakade uNkulunkulu wenu ukuze ulaka lwakhe oluvuthayo lusuke kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Manje ningabi lukhuni njengawoyihlo, kodwa zinikeleni nina kuJehova, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu, ukuze kusuke kini ukuvutha kolaka lwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 30:8
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nokho uJehova akabuyanga ekuvutheni kwentukuthelo yakhe enkulu, intukuthelo yakhe eyavuthela ngakho uJuda, ngenxa yakho konke ukucunula uManase ayemcunule ngakho.


Zonke izikhulu, namaqhawe, nawo onke amadodana enkosi uDavide bazithoba phansi kukaSolomoni inkosi.


Ngalokho ngizweni, nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu, ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.”


bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapha, ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.”


Manje sekusenhliziyweni yami ukwenza isivumelwano noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kithina.


Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli ezweni laseGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,


kodwa ngikhethe iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho, ngakhetha noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’


Manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona lapho isikhathi sonke.


Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo, benamalunga emizi ngemizi nabahluleli bayo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.”


Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.


Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.


Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu, izindwendwe zikaNkulunkulu wami, iNkosi yami, ziya endlini engcwele.


Izikhulu ziyakuvela eGibithe; amaKushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu.


ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.


Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.


UJehova wathi kuMose: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni.


Memezani kulo nxazonke; lizinikele, izisekelo zalo ziwile, izingange zalo zidiliziwe, ngokuba kuyimpindiselo kaJehova; phindiselani kulo, nenze kulo njengokwenza kwalo.


Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”


Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.


Kodwa ngo-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulela izandla zami kuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.”


Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.


Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba ntamo ilukhuni.


“Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.


Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele* phezu kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ