Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 30:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba babengenakulenza ngaleso sikhathi, lokhu abapristi bebengazingcwelisanga ngokwaneleyo nabantu bebengakabuthani eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 ngokuba babengakwazanga ukulenza ngaleso sikhathi, ngokuba abaphristi babengazingcwelisanga ngokwaneleyo futhi nabantu babengaqoqene eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba babengenakukwenza ngaleso sikhathi, ngokuba abapristi babengazingcwelisanga ngokwanele, nabantu babengabuthananga eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 30:3
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Baqala ukungcwelisa ngolokuqala lwenyanga yokuqala; ngosuku lwesishiyagalombili lwenyanga bafika emphemeni kaJehova, bayingcwelisa indlu kaJehova ngezinsuku eziyisishiyagalombili; ngosuku lweshumi nesithupha lwenyanga yokuqala baqeda.


Abapristi babe yingcosana nje, babengenakuhlinza yonke iminikelo yokushiswa; abafowabo amaLevi base bebasiza, waze waphela umsebenzi, nabapristi baze bazingcwelisa, ngokuba amaLevi ayelungele ngezinhliziyo kunabapristi ukuba azingcwelise.


Base belihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yesibili; abapristi namaLevi babe namahloni, bazingcwelisa, baletha iminikelo yokushiswa endlini kaJehova.


Ngokuba uHezekiya inkosi yakwaJuda wayenikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa zibe yiminikelo, nezikhulu zazinikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi; abapristi abaningi bazingcwelisa.


Leyo nto yabe ilungile emehlweni enkosi nasebandleni lonke.


Lihlabeni iphasika, nizingcwelise, nilungisele abafowenu ukuba benze njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.”


Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.


niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ