Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 28:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Kwakukhona umphrofethi kaSimakade ogama lakhe kwakungu-Odedi. Waphuma wahlangabeza impi eyase ibuyela eSamariya, wathi kuyo: “Bhekani, uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu ubemthukuthelele uJuda, ngakho-ke wamnikela esandleni senu; nina nibabulele ngentukuthelo eze yafinyelela ezulwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha kwakukhona umprofethi kaJehova ogama lakhe lingu-Odedi; waphuma phambi kwempi eyafika eSamariya, wathi kuyo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, nababulala ngokufutheka kwenu ifinyelela ezulwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 28:9
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”


Khona wathi: “Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.


Bheka, kwasondela umprofethi ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uyasibona sonke lesi sixuku na? Bheka, ngiyakusinikela esandleni sakho namuhla, uze wazi ukuthi mina nginguJehova.’ ”


Umprofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.”


Wathi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe sesikhundleni sabantu bakhe.’ ”


UDavide wathi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”


UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.


Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela, baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.


Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.”


Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo, ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.’


ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ