Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wayesethukuthela u-Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho; esabathukuthelele abapristi, kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe-altare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 U-Uziya wathukuthela. Ngesikhathi ethukuthelela abaphristi, wayephethe isitsha sempepho esandleni sakhe ukuze ashise impepho, ngakho-ke kwavela uchoko ebunzini lakhe, phambi kwabaphristi, endlini kaSimakade, eceleni kwe-althare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 U-Uziya wathukuthela, ephethe umcengezi wokufaka impepho esandleni sakhe; ethukuthelele abapristi, kwavela uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova ngase-altare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:19
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi isibuyile eDamaseku, inkosi yalibona i-altare; inkosi yasondela e-altare, yenyukela kulo.


U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi,* ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


U-Azariya, umpristi omkhulu, nabo bonke abapristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.


umpristi abheke; bheka, uma kukhona idunguza elimhlophe esikhumbeni, liphendulile uboya baba mhlophe, nanxa kukhona inyama ebomvu edunguzeni,


Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ