Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 bamelana no-Uziya inkosi, bathi kuye: “Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenze isiphambeko; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuyo: “Awufanele ngokwakho, Uziya, ukushisela uSimakade impepho; lokho kungokwabaphristi, abangamadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho. Phuma endaweni engcwele, ngokuba wenze okubi; awuyukufumana ludumo oluvela kuSimakade uNkulunkulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuye: “Akukhona okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kodwa kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; ngoba wenile; futhi akuyikuba yinkazimulo kaJehova uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:18
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.


Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.


“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.


Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.”


Uyakumisa u-Aroni namadodana akhe, bagcine ubupristi babo; umfokazi osondelayo uyakubulawa.”


Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.”


Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?


onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala.


Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.


Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.


Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ