Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaziphakamisa kwaze kwaba sekubhujisweni kwakhe; ngokuba waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaJehova ukuba ashise impepho e-altare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:16
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesenikela e-altare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje; wenzela abantwana bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-altare ukushisa impepho.


Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi e-altare ukushisa impepho.


Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”


UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.


Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye.


Uthi: ‘Bheka, ngichithile u-Edomi;’ inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”


Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe phezu kwemibhoshongo nasezingosini, kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni, ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla.


Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo u-Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala.


Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena, ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.


Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.


Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.


Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu.


“Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


UKora kaJisihari kaKohati kaLevi, kanye noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda,


Base bethatha, kwaba yilowo nalowo umcengezi wakhe womlilo, bafaka kuyo umlilo, babeka impepho ngaphezulu, bema ngasemnyango wetende lokuhlangana kanye noMose no-Aroni.


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


nifake kuyo umlilo, nibeke impepho kuyo phambi kukaJehova kusasa; kuyakuthi umuntu amkhethayo uJehova, abengcwele; sekwanele okwenu, madodana kaLevi.”


Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”


inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila,


uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’


Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ