Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wakha nemibhoshongo ehlane, wemba imithombo eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi emathafeni nasemathafeni; nabalimi nabasebenzi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayethanda ukulima.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:10
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi, wathi: “Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari* yalo emide nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo ngangena endaweni yalo yokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.


UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.


UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda.


Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema.


U-Uziya wayenempi elwayo eyaphuma ukulwa ngamaviyo njengomumo wokubalwa kwabo ngesandla sikaJehiyeli, umbhali, noMahaseya, umbusi phansi kwesandla sikaHananiya, enye yezinduna zenkosi.


Wazenzela nemizi, nemfuyo yezimvu, nezinkomo eziningi, ngokuba uNkulunkulu wayemnike impahla eningi kakhulu.


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Akuseyisikhashana nje iLebanoni lize liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi, na?


yonke imizi yasethafeni, nalo lonke elakwaGileyadi, nalo lonke iBashani kuze kube seSaleka nase-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBashani.


USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ