Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 22:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: “Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Wamfuna u-Ahaziya, wamthola ebanjiwe ngokuba wayecashe eSamariya, bamyisa kuJehu; bambulala, bamngcwaba ngokuba bathi: “Lo uyindodana kaJehoshafathi, owamfuna uSimakade ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamuntu ongagcina umbuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wamfuna u-Ahaziya, bambamba, ngokuba wayecashile eSamariya, bamyisa kuJehu; sebembulale bammbela; ngoba bathi uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe. Ngakho indlu ka-Ahaziya yayingenawo amandla okuthulisa umbuso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 22:9
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wamemeza kulowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Njengokuba ungalilalelanga izwi likaJehova, ungagcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,


Wonke u-Israyeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.


Wangena, wadla, waphuza; wayesethi: “Mbhekeni lo mqalekiswakazi, nimmbele, ngokuba uyindodakazi yenkosi.”


Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


bakhuphukela ukulwa noJuda, bafohlela kuye, basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.


Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema, wamuka engakhalelwanga muntu; bammbela emzini kaDavide, kepha kungesemathuneni amakhosi.


UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.


Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya; wababulala.


Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.


Kusukela esikhathini u-Amasiya aphambuka ngaso ekumlandeleni uJehova bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.


Izinceku zakhe zamenzela ugobe, zambulala endlini yakhe.


Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ