Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 22:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Waphindela eJizreyeli ukuyokwelashwa amanxeba awathola eRama ngesikhathi elwa noHazayeli, inkosi yase-Aramu. U-Azariya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla wayombona uJehoramu, indodana ka-Ahabi, eJizreyeli, ngoba wayegula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wabuyela ukuphulukiswa eJizreyeli ngenxa yamanxeba awawathola eRama ekulweni kwakhe noHasayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukuyobona uJoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 22:6
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama-Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.


kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama-Aramu ekulweni kwayo noHazayeli, inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: “Uma kungumqondo wenu lokhu, makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.”


bakhuphukela ukulwa noJuda, bafohlela kuye, basusa yonke impahla eyayifumaniseka endlini yenkosi kanye namadodana akhe nawomkakhe; akusalanga ndodana kuyo, uJehowahazi omncane emadodaneni ayo kuphela.


Abakhileyo eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo lababefike ekamu* nabase-Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.


Futhi wahamba ngeziluleko zabo, lapho ehamba noJehoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.


Ukubhubha kuka-Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi, amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka-Ahabi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ