Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 22:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Naye wahamba ezindleleni zendlu ka-Ahabi elulekwa ngunina ukuba enze okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Naye wahamba ezindleleni zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengumluleki wakhe ukwenza okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 22:3
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.


U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya indodakazi ka-Omri.


Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise, kwaba ngukuchithwa kwakhe.


Emva kokufa kukaJehoyada kwafika izikhulu zakwaJuda, zakhuleka enkosini; khona inkosi yazilalela.


Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.


kepha wahamba ngezindlela zamakhosi akwa-Israyeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.


“AkusiMunye osenzileyo, okusele kuye umoya wethu na? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu.


“Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;


Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ