Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi – ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya – wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.