Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 22:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi – ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya – wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi, yathatha uJowashi, indodana ka-Ahaziya, yameba emadodaneni enkosi ayebulawa, yamfihla ekamelweni lokulala, yena nomzanyana wakhe. UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada, umphristi, wayengudadewabo ka-Ahaziya, wamfihla, akaze akwazi u-Athaliya ukumbulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha uJehosabati, indodakazi yenkosi, wathatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wamfaka yena nomlindi wakhe ekamelweni. UJosabati indodakazi yenkosi uJoramu umkaJehoyada umpristi (ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya) wamfihla ku-Athaliya ukuba angambulali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 22:11
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade.


Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,


Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe, ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa.


Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.


Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.


Wayenabo ethukusiwe endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.


Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa, wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu, no-Ishmayeli indodana kaJehohanani, no-Azariya indodana ka-Obede, noMahaseya indodana ka-Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.


UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


umfula uyakuvama amasele; ayakukhuphuka, angene endlini yakho, nasekamelweni lakho lokulala, naphezu kombhede wakho, nasendlini yezinceku zakho, naphezu kwabantu bakho, nasemaziko akho, nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni, bese kuthiwa: ‘Malingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo,’ kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.


ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ