Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 22:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Abakhileyo eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo lababefike ekamu* nabase-Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Izakhamuzi zaseJerusalema zambeka u-Ahaziya, indodana kaJehoramu encane, waba yinkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo labaphangi elafika enkanjini nabase-Arabhiya, babebabulele bonke abafowabo abadala. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, waba yinkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abakhileyo eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo elafika nama-Arabu ekamu labulala onke amadoda amadala. Wayesebusa u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 22:1
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uJehu wafumana abafowabo baka-Ahaziya inkosi yakwaJuda, wathi: “Nina ningobani na?” Bathi: “Singabafowabo baka-Ahaziya; siyehla ukubingelela abantwana benkosi nabantwana benkosikazi.”


Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafati eyinkosi kwaJuda, uJehoramu, indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.


U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi, wathi kuyo: “Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho, uye eRamoti Gileyadi.


nguJoramu indodana yakhe; ngu-Ahaziya indodana yakhe; nguJowashi indodana yakhe;


U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya indodakazi ka-Omri.


Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi: “Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.


UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.


Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.


Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzele inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.


Abantu bezwe bathatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ