2 iziKronike 21:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20207 Kepha uSimakade akathandanga ukuyibhubhisa indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, wayethe uyakumnika yena nozalo lwakhe isibani, izinsuku zonke. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20247 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenza noDavide, njengalokho ethembisile ukumnika yena namadodana akhe ukukhanya kuze kube phakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi – ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya – wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.
“Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’