Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 21:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Kepha uSimakade akathandanga ukuyibhubhisa indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, wayethe uyakumnika yena nozalo lwakhe isibani, izinsuku zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenza noDavide, njengalokho ethembisile ukumnika yena namadodana akhe ukukhanya kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 21:7
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”


“Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade; sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?


Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami.


Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,


Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.


UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi – ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya – wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.


Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi: “Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.


“Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’


UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Uchithile isivumelwano senceku yakho, wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.


Yasivusela uphondo lwensindiso endlini kaDavide inceku yayo,


ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ