Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 21:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe, ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 U-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sabakwaJuda, kuze kube namuhla. Kwase kusuka neLibhina lahlubuka ngaso leso sikhathi, ngokuba wayemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abakwa-Edomi bahlubuka phansi kwesandla sikaJuda kuze kube namuhla. Ngaleso sikhathi iLibina yahlubuka phansi kwesandla sakhe; ngoba wamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 21:10
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi kuJerobowamu: “Zithathele imidweshu eyishumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi


ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.


Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.


“Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;


waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.


Emihleni yakhe u-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi.


Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola.


Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.


Izihlubuki nezoni ziyakubhujiswa kanyekanye, nabamshiyayo uJehova bayakuqedwa.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.


Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLibina, walwa neLibina;


Abantwana bakwa-Aroni, umpristi, babanika iHebroni kanye namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neLibina kanye namadlelo alo,


Nokho ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngalokho angisayikunisindisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ