Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Awuxoshanga yini, Nkulunkulu wethu, abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, wanika lona inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Awusiye uNkulunkulu wethu yini owaxosha abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, walinika inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:7
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade.


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.


U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ibe ngeyegama lakho, bethi:


wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho, wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.


Nguwe owabaxosha abezizwe ngesandla sakho, kepha bona wabatshala; wazichitha izizwe, kepha bona wabandisa.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Wakhipha umvini eGibithe, waxosha abezizwe, watshala wona.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, nzalo ka-Abrahama othandiweyo wami,


Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


ukuba axoshe izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, angenise wena, akunike izwe labo libe yifa lakho njenganamuhla.


kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.


“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.


“Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla.


Nganinika izwe eningakhandlekanga kulo, nemizi eningayakhanga nihlala nokho kuyo; niyadla ezivinini naseminqumeni eningakutshalanga.’


Ngamthatha uyihlo u-Abrahama ngaphesheya koMfula,* ngamhambisa ezweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe, ngamupha u-Isaka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ