Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 wathi: “Jehova Nkulunkulu wawobaba, wena awusiye uNkulunkulu ezulwini, awusiye umbusi wemibuso yonke yabezizwe, na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akakho ongamelana nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 wathi: “Simakade, Nkulunkulu wokhokho bethu, kanti Wena awusiye yini uNkulunkulu ezulwini, nombusi wemibuso yonke yezizwe na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akekho ongamelana nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 wathi: “Nkosi, Nkulunkulu wawobaba, wena awusiye uNkulunkulu ezulwini na?” kanti kawubusi yini phezu kwayo yonke imibuso yabezizwe? esandleni sakho awekho amandla namandla, ukuze kungabikho muntu ongamelana nawe?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:6
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.


Jehova, Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, obaba, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondisele inhliziyo yabo kuwe,


UJehoshafati wema ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaJehova phambi kwegceke elisha,


kepha noma kuhamba wena, ukwenza, uziqinisela impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha. Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.”


baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.


ethi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.


UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.


Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, ngahlulele ngamandla akho.


UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu.


Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”


Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile; ngubani ongakuchitha na? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?”


Usuzakuthi kimi: “Usasolelani yena na? Ngokuba ngubani ongamelana nentando yakhe na?”


“Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.


Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ