Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bheka, ngakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngiyingcwelise, ngishise impepho phambi kwakhe, kube yizinkwa zokubukwa njalonjalo, kube ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga, emikhosini kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho waphakade kwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 2:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba, ethi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.’


Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;


USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova, izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.


UDavide wathi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.


bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo, basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.


USolomoni wahlosa ukwakhela igama likaJehova indlu kanye nendlu yombuso wakhe.


eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke, neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo, neyezinto ezingcwele, neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka-Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.


Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.


Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.


Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.


“U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.


yaphatha isikhwama semali ngesandla sayo; iyakubuyela ekhaya ngosuku lokuhlangana kwenyanga.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ