Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 19:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho ukumesaba uJehova makube phezu kwenu; Qaphelani, nikwenze, ngokuba akukho bubi kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso nokwamukela izipho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 19:7
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”


Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.


UNkulunkulu ka-Israyeli wathi, iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokumesaba uNkulunkulu,


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Uyakunisola nokunisola, uma nivuna ubuso ngasese.


ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na?


Koze kube nini nahlulela ngokungalungile nikhetha ubuso bababi na? Sela*


“Awuyikwamukela isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo, siphendukezele amazwi olungileyo.


Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,


Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,


Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.


Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.


Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.


Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: “Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ