Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Nokho kufunyaniswe kuwe izinto ezinhle. Ubasusile o-Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kodwa okuhle kwatholakala kuwe ngoba wasusa izihlahla elizweni, walungisa inhliziyo yakho ukuthi ifune uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 19:3
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wonke u-Israyeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.


Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.


Kepha lapho esezithoba, intukuthelo kaJehova yabuya kuye ukuba angamchithi ngokupheleleyo, futhi kwakusekhona nokuhle kwaJuda.


Wenza okubi, ngokuba akabhekisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova.


Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo,


Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.


UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.


Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; futhi abantu babengabhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wawoyise.


Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: “Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.


UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.


bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”


ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.


Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu; inhliziyo yami iduduzekile; ngizakuhlabelela, ngihube.


Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho,


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ