Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 19:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Kumelwe usize ababi, uthande labo abazonda uJehova na?” ngalokho intukuthelo yehlela phezu kwakho ivela ebusweni bukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 19:2
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izwi likaJehova lafika kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi:


UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha, njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi,


Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula.


Kepha akubangakho onjengo-Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.


UJehoshafati wenza ukuthula nenkosi yakwa-Israyeli.


Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no-Ahabi.


Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base bekhuphukela eRamoti Gileyadi.


U-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami, siye eRamoti Gileyadi, na?” Wathi kuye: “Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.”


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusekhona umuntu munye esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akazange aprofethe okuhle ngami, kepha okubi njalo; nguMikhaya indodana kaJimila.” Wathi uJehoshafati: “Inkosi mayingasho njalo.”


UJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ngokuphila endlini yakhe eJerusalema.


Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo, niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.


Ezinye izindaba zikaJehoshafati, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu indodana kaHanani ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.


Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera* nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.


bamelana no-Uziya inkosi, bathi kuye: “Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenze isiphambeko; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.”


Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena, ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.


obuka onengekayo ngokuzakumenyanya, kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe;


Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.


Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; abamzondayo babaleka phambi kwakhe.


Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho, nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala.


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe.


“Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.


Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,


beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali,


abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.


Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze;


ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;


uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambelela ekwahluleleni, ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami, ngibaphindisele abangizondayo.’


Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


abaphindisele abamzondayo ebusweni babo, ababhubhise; akayikulibala kuyena omzondayo, uyakumphindisela ebusweni bakhe.


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.


Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ