Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 18:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Ngasekugcineni kweminyaka ethile, wehlela eSamariya ku-Ahabi. U-Ahabi wamhlabisa, yena nabantu ababenaye, izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphuke ahlasele iRamothi Gileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi emva kweminyaka eminengi waya ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababe naye izimvu nezinkomo ngemihlambi, wamncenga ukuba akhuphuke naye eRamoti kwaGileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 18:2
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;


Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni.


noBeni Geberi eRamoti Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi, nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,


U-Elisha umprofethi wabiza enye yamadodana abaprofethi, wathi kuyo: “Khwica, uphathe lo mfuma wamafutha esandleni sakho, uye eRamoti Gileyadi.


U-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami, siye eRamoti Gileyadi, na?” Wathi kuye: “Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.”


UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.


Kepha kukho konke lokho ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngomnyaka wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi yaseBabele ngaya enkosini; nangasekugcineni kwezinsuku ngacela enkosini,


iBeseri elisehlane ezweni lethafa libe ngowabakwaRubeni, neRamoti elikwaGileyadi libe ngowabakwaGadi, neGolanu eliseBashani libe ngowabakwaManase.


Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ