Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 18:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UMikhaya wathi: “Ngalokho yizwani izwi likaJehova: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 UMikhaya wathi: “Ngakho-ke yizwani izwi likaSimakade: ngambona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi, ibandla lonke lasezulwini limi ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Wathi futhi: “Ngalokho yizwani izwi likaJehova; Ngabona iNkosi ihlezi esihlalweni sayo sobukhosi, lebutho lonke lezulu limi ngakwesokunene sayo langakwesokhohlo sayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 18:18
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*


Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli kuJehoshafati: “Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela, na?”


UJehova wathi: ‘Ngubani oyakuyenga u-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli ukuba akhuphuke, afele eRamoti Gileyadi na?’ Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina bantu abadelelayo, enibusa laba bantu baseJerusalema.


U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova Sebawoti.


uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.


Zwanini izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.


“ ‘Kepha yizwa izwi likaJehova, Sedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uJehova ngawe, uthi: Awuyikufa ngenkemba;


Umnonjana womlilo wavela, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zenkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi ngaphambi kwakhe; kwahlala abahluleli, izincwadi zavulwa.


“Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.


Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi: “ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli, ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’


Umuntu owayemi phakathi kwemibomvana wathatha wathi: “Laba yibo uJehova abathumile ukuba bahambahambe emhlabeni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ