Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 18:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no-Ahabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 UJehoshafathi wayenengcebo nodumo olukhulu, waba nobuhlobo no-Ahabi ngokuganiselana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehoshafati wayenengcebo nodumo ngokuchichimayo, wazihlanganisa no-Ahabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 18:1
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha akubangakho onjengo-Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.


Bahlala iminyaka emithathu kungekho ukulwa phakathi kwe-Aramu no-Israyeli.


Ezinye izindaba zikaJehoshafati, namandla awabonakalisayo, nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?


U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi.


Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.


UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda.


Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu.


Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.


UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.


Emva kwalokho uJehoshafati, inkosi yakwaJuda, wazihlanganisa no-Ahaziya inkosi yakwa-Israyeli; yena wayekwenza okubi impela;


Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ