Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Bafundisa kwaJuda bephethe incwadi yomthetho kaSimakade, bajikeleza kuyo yonke imizi yakwaJuda, befundisa abantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bafundisa kwaJuda, benencwadi yomthetho kaJehova, badabula imizi yakwaJuda, bafundisa abantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:9
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;


Futhi uJehoshafati wamisa eJerusalema kumaLevi nakubapristi nasezinhlokweni zawoyise bakwa-Israyeli abokwahlulela kukaJehova nabombango. Sebebuyela eJerusalema,


Washo kumaLevi afundisa wonke u-Israyeli, ayengcwele kuJehova, wathi: “Bekani umphongolo ongcwele endlini ayakhayo uSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; akusayikubakho mthwalo emahlombe enu; khonzani manje uJehova uNkulunkulu wenu nabantu bakhe u-Israyeli.


NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho, abantu besezindaweni zabo.


Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.


“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo.


Nihlola imibhalo, ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami.


Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge* bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.”


Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”


Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.


Kukhulu ngezindlela zonke. Kuqala ngokuba baphathisiwe amazwi kaNkulunkulu.


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ