Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera* kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Inhliziyo yakhe yashisekela izindlela zikaSimakade, wazisusa izindawo eziphakemeyo, no-Ashera kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inhliziyo yakhe yathokoza ngezindlela zikaJehova, wasusa izindawo eziphakemeyo nemithi engcwele kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise, kaphambukanga kuzo, enza okulungile emehlweni kaJehova. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela, babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.


U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.


Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,*


Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe.


Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; futhi abantu babengabhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wawoyise.


Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


ngokuba lapho uyakuthokoza ngoSomandla, uphakamisele kuNkulunkulu ubuso bakho.


Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.


Yebo, ayakuhlabelela ngezindlela zikaJehova, ngokuba inkulu inkazimulo kaJehova.


Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ