Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Ngakho-ke uSimakade wawusimamisa umbuso esandleni sakhe, wonke uJuda wathela intela kuJehoshafathi; waba nodumo olukhulu nengcebo eningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda waletha izipho kuJehoshafati; wayenengcebo nodumo ngokuchichimayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:5
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.


Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.


Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Inkosi yenza isiliva negolide kuvame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi.


UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no-Ahabi.


Abaningi baletha izipho kuJehova eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waze waphakanyiswa emehlweni abo bonke abezizwe ngasemuva.


Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe ehlanzeni ngobuningi.


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.


Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyakubafundisa bona, khona abantwana babo bayakuhlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”


Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema amakhosi ayakukulethela izipho.


Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.


Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.


Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini, ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.


Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.


Kepha abantu ababi bathi: “Uyakusisindisa kanjani lowo na?” Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ