Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nabanye bamaFilisti baletha izipho nemali yentela kuJehoshafati; ama-Arabhu aletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimbuzi eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshiwe abe yinkosi esikhundleni sikayise, ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo.


UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.


UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda.


Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu.


UJehova wavusa umoya wamaFilisti nowabase-Arabiya abaseceleni kwamaKushe ngoJehoramu;


Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.


ngaphandle kokuvela kubahwebi nabathengisi; onke amakhosi ase-Arabiya nababusi bezwe baletha igolide nesiliva kuSolomoni.


Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.


Alisoze labuye lakhiwa, akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane; umArabiya akayikumisa khona, nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.


“ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ