Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 16:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJehova nasendlini yenkosi, wathumela kuBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu owahlala eDamaseku, wathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaSimakade neyasesigodlweni senkosi, wakuthumela kuBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, wathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 U-Asa wayesekhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJehova nendlu yenkosi, wathumela kuBeni Hadadi inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, ethi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 16:2
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunikela ezandleni zezinceku zakhe; inkosi u-Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi:


UJehowashi, inkosi yakwaJuda, wathatha zonke izinto ezingcwele, ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise, amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe, nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi, wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.


U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.


UHezekiya wamnika lonke isiliva elalifunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi.


Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.


“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”


Ngokuba u-Ahazi waphanga indlu kaJehova nendlu yenkosi neyezikhulu, wakunika inkosi yase-Asiriya, kepha akumsizanga.


NgeDamaseku. “IHamati ne-Aripadi kujabhile, ngokuba kuzwile imibiko emibi, kuphela amandla. Kuyahlupheka njengolwandle, akunakuthula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ