Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 16:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi,* ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 U-Asa wamthukuthelela umboni, wayesemfaka ejele, ngokuba wathukuthela ngenxa yale nto umboni ayemtshele yona. U-Asa wabacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 U-Asa wayesemthukuthelela umboni, wamfaka etilongweni; ngoba wayemthukuthelele ngale ndaba. U-Asa wacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 16:10
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.


UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.


Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.


Kwathi inkosi isizwile izwi lalowo muntu kaNkulunkulu alibiza ngalo i-altare laseBethele, uJerobowamu waselula isandla sakhe ese-altare, wathi: “Mbambeni.” Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba namandla okusibuyisela kuye.


uthi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”


Bheka, izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka-ke, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


nithi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


Wayesethukuthela u-Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho; esabathukuthelele abapristi, kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe-altare lempepho.


Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.


Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.


Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo, abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi: ‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’ wawusuwubeka umhlane wakho waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”


UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.


Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe.


‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;


Izikhulu zamthukuthelela uJeremiya, zamshaya, zamfaka etilongweni endlini kaJonathani umbhali, ngokuba zaziyenze itilongo.


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako;* ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.


Ukuphahlaza phansi kwezinyawo zonke iziboshwa zasemhlabeni,


wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ