Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabafokazi ababe nabo bevela kwa-Efrayimi, noManase, nabakwaSimeyoni; ngoba batheleka kuye bevela kwa-Israyeli bebaningi, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathi: “Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe. Sathi: ‘Akube khona manje phakathi kwethu isifungo,’ phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe


Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.


U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.


U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.


Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”


Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.


Babuthana eJerusalema ngenyanga yesithathu ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa.


UJehoshafati wahlala eJerusalema, kepha wabuye waphuma, wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


Lonke ibandla lakwaJuda kanye nabapristi namaLevi, nalo lonke ibandla elaphuma ku-Israyeli, nabafokazi abaphuma ezweni lakwa-Israyeli behlezi kwaJuda, bathokoza.


“Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: ‘EkaJuda neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe.’ Thatha enye induku, ulobe kuyo ngokuthi: ‘EkaJosefa, induku ka-Efrayimi neyendlu yonke yakwa-Israyeli, abangane bakhe,’


Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ