Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Lapho u-Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika-Azariya ka-Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Kwathi ukuba u-Asa awezwe lawo mazwi nesiphrofetho sika-Odedi umphrofethi, waqina idolo, wazisusa izinengiso ezweni lonke kwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ayeyidle kwelezintaba kwa-Efrayimi, wavusa i-althare likaSimakade elaliphambi kompheme kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi u-Asa ezwa lawa mazwi nesiprofetho sika-Odedi umprofethi, waziqinisa, wasusa izithombe ezinengekayo ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, wayivuselela, walisusa i-altare. KaJehova owayephambi kompheme kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:8
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni walandela u-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni.


USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.


Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu, inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda.


Kepha i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova, yalisusa ngaphambi kwendlu phakathi kwe-altare nendlu kaJehova, yalibeka ohlangothini lwasenyakatho lwe-altare layo.


Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu,” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe akususile uHezekiya, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare eJerusalema,” na?


Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezakhele u-Ashitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.


U-Abiya wamxosha uJerobowamu, wamaphuca imizi: iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.


Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wabeka amakhanda ezweni lakwaJuda, nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo.


“Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.”


UJehoshafati wahlala eJerusalema, kepha wabuye waphuma, wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBeri Sheba kuze kube sezintabeni, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


Base bengena phakathi kuHezekiya inkosi, bathi: “Sihlambulule yonke indlu kaJehova, ne-altare leminikelo yokushiswa, kanye nazo zonke izinto zayo, netafula lezinkwa zokubukwa.


Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.


Khona uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova e-altare likaJehova ayelakhe phambi kompheme


Uyazigawulela imisedari,* athathe imikhoba nama-oki,* awaqinise phakathi kwemithi yehlathi; uyatshala umfire,* imvula iwukhulise.


abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,


Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”


Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilwane ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.


Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.


Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’ “Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’


Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.


Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ