Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Kepha lapho ehluphekile wayephendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, amfune, amfumane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa lapho ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, bamdinga, wafunyanwa enabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:4
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.


waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.


Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo.


“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enimfunayo uJehova; bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo, nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.


Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.


Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi: “Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga, ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ