Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Manje u-Israyeli wayesenesikhathi eside engenaye uNkulunkulu weqiniso nompristi ofundisayo futhi engenamthetho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:3
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda,


UNehemiya owayengumbusi, no-Ezra umpristi nombhali, namaLevi ayebafundisa abantu, bathi kubantu bonke: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; ningalili, ningakhali.” Ngokuba bonke abantu bakhala, lapho bezwa amazwi omthetho.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.


Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.


Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*


nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”


“Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova, “lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.


elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho;


kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho;


Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.


Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,


Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa,


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ