Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wamsusa uMahakha unina ka-Asa inkosi ebukhosikazini, ngokuba wayemenzele u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi ngoMahaga, unina wenkosi u-Asa, wamsusa ekubeni yindlovukazi, ngoba wenza isithombe esibaziweyo ehlathini;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:16
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.


Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha, indodakazi ka-Abisalomu.


Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika-Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza, yasuka yagijima, yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni.


I-altare elaliseBethele, nendawo ephakemeyo eyenziwe nguJerobowamu indodana kaNebati owonisa u-Israyeli, nalelo altare kanye nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayicolisisa yaba yincushuncushu, yashisa no-Ashera.*


Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu, nabapristi besigaba sesibili, nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonke izinto ezazenzelwe oBali, no-Ashera,* nebandla lonke lasezulwini, yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni, yayisa umlotha wazo eBethele.


Yakhipha u-Ashera* endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamcolisisa waba yincushuncushu, yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.


Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe.


Abapristi bangena kokuphakathi kwendlu kaJehova ukuba bayihlambulule, nakho konke ukungcola abakufumanisayo ethempelini likaJehova bakukhiphela egcekeni lendlu kaJehova. AmaLevi akuthatha, akukhipha, akuyisa emfudlaneni iKidroni.


Basuka, basusa ama-altare aseJerusalema; nawo onke ama-altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Wawadiliza ama-altare, waphula o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo kwaba luthuli, wawanquma onke ama-altare empepho ezweni lonke lakwa-Israyeli, wabuyela eJerusalema.


Wayeselithatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa-Israyeli.


Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume ama-altare enu empepho, ngilahle izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu; umphefumulo wami uyakunengwa yinina.


Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: ‘Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova,’ uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha.


Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.


UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.


Niyakubaphatha kanje: niyakudiliza ama-altare abo, niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera* babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ