Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Benza isivumelwano sokumfuna uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo ngayo yonke inhliziyo yabo, nangawo wonke umphefumulo wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Benza isivumelwano sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:12
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zabo ezabathumba, bakhuleke kuwe bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova, naphakathi kwabantu nenkosi.


Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.


Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.


kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo.


Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova.


Manje sekusenhliziyweni yami ukwenza isivumelwano noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kithina.


babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe


“Ngenxa yakho konke lokho senza isivumelwano esiqinisileyo, sasiloba; kwanamatheliswa ngophawu yizikhulu zethu, namaLevi ethu, nabapristi bethu.”


Bayakubuza indlela yaseSiyoni, ubuso babo bubhekene nalo, bethi: Wozani nizihlanganise noJehova ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.


Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;


futhi akubanga njengokwethemba kwethu kuphela, kepha bazinikela bona uqobo kuqala eNkosini nakithi futhi ngentando kaNkulunkulu,


“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu* akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,


ukuba ungene esivumelwaneni sikaJehova uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenzayo nawe namuhla uJehova uNkulunkulu wakho,


Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ