Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise, awenze umthetho nemiyalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 watshela uJuda ukuba afune uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, agcine umthetho nemiyalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJuda wayala ukufuna uJehova uNkulunkulu wawoyise, nokwenza umthetho nemiyalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:4
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.


Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,*


Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo, nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe.


Baletha izinkunzi eziyisikhombisa, nezinqama eziyisikhombisa, namawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wokona ngombuso nangendlu engcwele nangoJuda. Wayaleza abapristi, amadodana ka-Aroni, ukuba banikele ngakho e-altare likaJehova.


UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala komnikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova, namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli.


UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.


bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”


Wakha i-altare likaJehova, wanikela phezu kwalo ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, washo kuJuda ukuba bamkhonze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngase ngithi mabahlambulule amakamelo; ngabuyisela khona izitsha zendlu kaNkulunkulu kanye neminikelo yempuphu nenhlaka.


Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.


Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ