Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 USimakade wawashaya amaKhushe phambi kuka-Asa noJuda; amaKhushe abaleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova wawahlula amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:12
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.


Asusa izinkomo zabo, namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili, nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.


enezinqola eziyinkulungwane namakhulu amabili, nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu babengenakubalwa abaphuma naye eGibithe: ngamaLubi, namaSuki, namaKushe.


Base bekhamuluka abantu bakwaJuda, nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.


Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa.


Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa.


NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.


Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”


“Aninjengabantwana bakwaKushe kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova. “Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe, namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”


Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.


Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.


“UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.


“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.


UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ