Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 U-Asa wayesekhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akulutho kuwe ukusiza, hhayi ngabaningi nabangenamandla; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu; ngokuba sincike kuwe, nangegama lakho siyakumelana nalesi sixuku. Jehova, unguNkulunkulu wethu; makungahlulwa muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:11
59 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”


Bakhala kuwe, bakhululwa; bethemba wena, abaze bajabha.


Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Lapho uJuda esephenduka, bheka, impi yayingaphambili nangasemva kwabo; bakhala kuJehova, abapristi bakhalisa amacilongo.


Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula, ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.


Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.


okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.


Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.


Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.


Vuka, Jehova! Mawungavumi ukuba abantu bahlule; abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho.


UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova.


“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi:


Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje, ngokuba babalwa njengantoni na?


Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.


Wayesethi uJehova kuGideyoni: “Ngalawo madoda amakhulu amathathu axhaphayo ngizakunisindisa, ngibanikele abakwaMidiyani esandleni sakho; bonke abanye abantu mabahambe, yilowo nalowo aye endaweni yakhe.”


“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.


Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?


Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.


Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”


Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.


owenza ukuchitha ukuba kunyazime phezu kwabanamandla, nencithakalo ukuba yehlele izinqaba.


Siyahalalisa ngensindiso yakho, siphakamise ibhandela* egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.


UHezekiya inkosi no-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, bakhuleka ngenxa yalokho, bakhala ngasezulwini.


Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu akuwe.”


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


Jehova Nkulunkulu wethu, amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile, kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.


Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.


Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”


uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha, funa abamelene nabo baduke, funa bathi: “Isandla sethu siphakeme, uJehova akenzanga konke lokhu.” ’


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.”


“Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nesitha sabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuJehova bebhekene nalo muzi owukhethileyo nale ndlu engiyakhele igama lakho,


U-Asa wayesephuma ukuhlangabezana naye, bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha.


Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


kepha noma kuhamba wena, ukwenza, uziqinisela impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha. Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.”


Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe bangasenciki kobashayileyo, kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.


Base bekhamuluka abantu bakwaJuda, nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.


Wahamba ngendlela ka-Asa uyise, kaphambukanga kuyo, ekwenza okulungile emehlweni kaJehova.


UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni.


Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime.


Kepha mina ngiyimphethu, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu, ngiyindelelo yabantu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ