Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Anixoshanga yini abapristi bakaJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi, nazenzela abapristi ngendlela yabantu bezizwe; bonke abafika ukwahlukaniselwa, bephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, bangaba ngabapristi babangesibo onkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Anixoshanga yini abaphristi bakaSimakade, amadodana ka-Aroni nabaLevi, nazimisela abaphristi njengabantu bezizwe na? Noma ngubani ofika efuna ukwehlukaniselwa leyo nkonzo, ephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, uba ngumphristi walokho okungesibo onkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Anixoshanga yini abapristi bakaJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi, nabeka abapristi benu njengomthetho wezizwe zakwamanye amazwe? ukuze kuthi loba ngubani oza ukumehlukanisela ngejongosi leduna lezinqama eziyisikhombisa, abe ngumphristi wabangesibo onkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:9
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo.


alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.


igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani, pho, othokozela namuhla ukuzahlukanisela uJehova na?”


“Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;


Wayesethatha uHezekiya, wathi: “Senizahlukanisele uJehova; sondelani, nilethe imihlatshelo neminikelo yokubonga endlini kaJehova.” Ibandla laletha imihlatshelo neminikelo yokubonga, nabo bonke abaqhutshwa yinhliziyo evumayo baletha iminikelo yokushiswa.


“Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici,


“Izambatho ezingcwele zika-Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.


“Uyakwenze njalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengakho konke engikuyale ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba yizinsuku eziyisikhombisa.


Wayesethi uMose: “Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.”


Isizwe sike senana ngawonkulunkulu abangesibo onkulunkulu na? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.


“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.


Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.


Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana, afake izambatho zelineni, izambatho ezingcwele,


“Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e-Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga, ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla.


Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo;


“Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu, onkulunkulu ababengabazi, onkulunkulu abasha, abasand'ukuqhamuka, ababengesatshwa ngoyihlo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ