Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Manje nithi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide, lokhu niyisixuku esikhulu, futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 “Manje nicabanga ukuthi nizokwazi ukumelana nobukhosi bukaSimakade obusesandleni samadodana kaDavide, wena nalesi sixuku esikhulu kangaka, futhi kunamathole egolide enenzelwa wona nguJerobhowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Manje nithi niyakumelana nombuso kaJehova osesandleni samadodana kaDavide; seniba isixuku esikhulu, kukhona kini amathole egolide uJerobowamu alenzela wona njengonkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:8
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”


Wabeka elinye eBethele, elinye walibeka kwaDani.


kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho, wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa ukuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,


wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.


Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani, kodwa amehlo ethu akuwe.”


wathi: “Jehova Nkulunkulu wawobaba, wena awusiye uNkulunkulu ezulwini, awusiye umbusi wemibuso yonke yabezizwe, na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akakho ongamelana nawe.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u-Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”


Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.


“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ