Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kwabuthana kuye amayiyane, abantu ababi, aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Kwabuthana kuye wonke amayiyane, nabantu abakhohlakele baba namandla kunoRehobhowamu, indodana kaSolomoni. URehobhowamu wayesemusha, engakaqini ukhakhayi, akakwazanga ukumelana nabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwabuthana kuye amadoda ayize, amadodana kaBheliyali, aziqinisa ukumelana noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemncane enenhliziyo ethambileyo, engenakumelana nabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:7
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaSeruya, balukhuni kunami; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.”


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi, bese nimkhiphela ngaphandle, nimkhande ngamatshe, afe.’ ”


Lawo madoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: “Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe, Israyeli; zibhekele indlu yakho manje, Davide.” Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe.


Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa-ke eJerusalema yabusa, ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.


bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.


Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.


Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla, kepha olandela amayiyane akanangqondo.


Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla, kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.


Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana, nezikhulu zakho zinedili ekuseni!


Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo, nezingane ziyakubabusa.


Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.


Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho, bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: ‘Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,’


Ngokuba baningi abangalaleliyo abakhuluma ize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,


Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.


UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.


Bamnika amashekeli* angamashumi ayisikhombisa esiliva endlini kaBali Beriti, u-Abimeleki aqasha ngawo izidenga namayiyane, bamlandela.


Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ