Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Abantwana bakwa-Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Abakwa-Israyeli babaleka phambi kwabaJuda; uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abantwana bakwa-Israyeli babaleka phambi kukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:16
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izitha zakho esandleni sakho.” U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.


U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.


AmaKushe namaLubi ayengesiyo impi enkulu yini, inezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokwencika kwakho kuJehova wawanikela esandleni sakho.


Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;


“UJehova uNkulunkulu wethu wayesenikela esandleni sethu naye u-Ogi inkosi yaseBashani nabantu bakhe bonke; samnqoba, akwaze kwasala muntu kuye.


UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wathi ebusweni babakwa-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni, nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni.”


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


UJuda wakhuphuka; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.


“UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sakwa-Israyeli, bababulala; u-Israyeli wadla izwe lonke lama-Amori, abantu balelo zwe.


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKeyila. Wayesethi uSawule: “UNkulunkulu umkhaphele esandleni sami, ngokuba uzivalele ngokungena emzini onamasango nemigoqo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ