Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapha uJehova ebona ukuthi bayazithoba, kweza izwi likaJehova kuShemaya, lathi: “Bazithobile; angiyikubachitha, kepha ngiyakubakhulula emva kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyikuthululelwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ngesikhathi uSimakade ebona ukuthi bayazithoba, wathumela izwi kuShemaya, wathi: “Bazithobile; angiyukubabhubhisa, kodwa ngizokubakhulula emveni kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyukwehlela iJerusalema ngesandla sikaShishaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova ebona ukuthi bazithobile, izwi likaJehova lafika kuShemaya, lathi: “Bazithobile; ngakho-ke ngeke ngibabhubhise, kodwa ngizobanika insindiso; ulaka lwami aluyikuthululwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:7
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


Kepha lapho esezithoba, intukuthelo kaJehova yabuya kuye ukuba angamchithi ngokupheleleyo, futhi kwakusekhona nokuhle kwaJuda.


Kepha lapho uHezekiya esezithoba ekukhukhumaleni kwenhliziyo yakhe, yena nabakhileyo eJerusalema, ulaka lukaJehova alubehlelanga emihleni kaHezekiya.


Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.


Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.


“Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi.”


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’


ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.


Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.


Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.


Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, namandla empi; kwamvuthela nxazonke, kepha akakwazanga; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ