Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha lapho esezithoba, intukuthelo kaJehova yabuya kuye ukuba angamchithi ngokupheleleyo, futhi kwakusekhona nokuhle kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Ngenkathi uRehobhowamu ezithoba, intukuthelo kaSimakade yasuka kuye, ayibange isambhubhisa nya; kwakusekhona okuhle kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lapho ezithobile, ulaka lukaJehova lwasuka kuye, kazange athande ukumbhubhisa ngokupheleleyo; nakwaJuda kwakuhamba kahle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:12
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?


Wonke u-Israyeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.


Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova, zafika izigijimi zizithwele, zazibuyisela ekamelweni labalindi.


Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo, yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki* okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.


Ngokuba akahluphi, angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.


Siphambukile, sahlubuka; wena awukuyekelanga.


Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ